Ku-Spotify, sibungaza ukusungula kwabantu futhi silwela ukuthi inkundla yethu isetshenziswe yibo bonke abantu, okuhlanganisa abaculi abayizigidi nabalaleli abayizinkulungwane zezigidi. Ngokufunda kochwepheshe kanye nokuqasha abantu abanokuhlangenwe nakho kokuphila nokukhubazeka, sisebenza ukuze senze konke ukusebenzisana nemikhiqizo yethu kungacwasi. Sindawonye, sihlose ukuhlomisa wonke umuntu ukuze asungule, azitholele, futhi akhuthazeke.
Nganoma yimiphi imibuzo, efana nokufinyelela kwe-akhawunti, izinkokhelo, nezinkinga zobuchwepheshe, vakashela isayithi yethu yosekelo noma thinta Usekelo Lwekhasimende.
Sizibophezele ukuthola imibiko ephathelene nokufinyelela kubantu ngabanye okungenzeka ukuthi babhekene nobunzima obuhlobene nenye yezindawo ezilandelayo:
Ukuthumela isikhalazo ngaphandle kokuzidalula, shiya kungenalutho esikhaleni se-imeyili futhi ungashiyi imininingwane engase ikudalule kwezinye izingxenye zefomu.
Sicela unikeze kuphela imininingwane yokukhubazeka kwakho ehambisana nesikhalazo sakho.
Isikhundla esibekiwe sokuthola umbiko wokufinyelela sihlanganisa: Umphathi Wohlelo Wethimba Lokufinyelela.